Lithini igama eligcwele lomhlinzeki mininingwane?
Lithini ikheli lomphenduli mibuzo?
Kungabe lomhlinzeki mininingwane/indlu unawo utelefoni?
Ithini inombolo yocingo?
Uma singakwazi ukuthintana nawe nganoma isiphi isizathu, ukhon ayini omunye umuntu esingamthinta owaziyo ukuthi singakuthola kanjani kumbe omunye enihlala naye ekhaya?
Q0306a. Ubani igama lalo muntu, ubudlelwano nawe kanye nekheli lakhe?
Umbhekeli cwaningo angahle akushayele ucingo kumbe akuvakashele futhi ukuzohlola le ngxoxo mibuzo kanye nokuzoqoqa imininingwane eyengeziwe esikhathini esizayo.
UMBUZI MIBUZO: FAKA ikhodi yemiphumela yokugcina kusigaba 0000: Ikhasi elingaphandle, Q0007.
Ukuze sinqume ukuthi ubani esizokumfaka imibuzo, Ngidinga ukwazi ukuthi ubani ohlala kuleli kheli. Angikunikeze isiqiniseko sokuthi noma imiphi imininingwane oyihlinzekayo igcinwa iyimfihlo. Uma ngibuza ukuthi "ubani ohlala la ekhaya", Ngichaza labo abadla ndawonye ('amadlelandawonye') futhi bahlala la okungenani izinyanga ezine ngonyaka?
Ngifisa ukwazi ubudala, ubulili, ukushada, izinga lemfundo kanye nobudlelwano belungu nelungu lalo muzi elihlala kuwo.
Siza ubale nabantu okungase kube abkho manje ngoba ngoba yempilo besendaweni enjengesibhedlela kumbe baboshiwe noma ekhaya labadala okwesikhashana.
Bangaki sebebonke abantu bahlala kulo muzi?
Sifuna ukuqala ngomuntu oyinhloko yekhaya. Ngoyinhloko yekhaya-ke sichaza umthathi zinqumo ongungqa phambili ekhaya. INhloko kungaba owesilisa noma owesifazane. Uma abantu ababili belingana ngokuthathwa kwezinqumo, kuthathwa omdala kubo.
Ngubani igama loyinhloko yekhaya?
UMBUZI MIBUZO: Ngelungu "elisha" lomuzi, sichaza umuntu owayengaselona ilungu lomuzi mhla sivakashele lomuzi ukuzowubuza ngo 2002/2003 njengengxenye yocwaningo i- WHS ye- WHO.
Gcwalisa ikholamu eyodwa ngalelo nalelo lungu lomndeni.
UMBUZI MIBUZO: khumbula ukufaka abantu abangekho okwesikhashana besesikhungweni ngenxa yesimo sempilo.
U [IGAMA] uhlobene kanjani nenhloko yomuzi?
Kungabe u- [IGAMA] ungowesilisa noma wesifazane?
Kungabe u- [IGAMA] ushadile noma cha?
Kungabe u- [IGAMA] wafinyelela kuliphi izinga lemfundo?
Kungabe u[IGAMA] unawo umshuwalense?
= Cha, akanawo.
Kungabe u- [IGAMA] udunga unakekelo ngenxa yesimo sakhe sempilo njnegokugula kweminyaka kumbe ukugula ngengqondo noma ukukhubazeka, noma kungoba eguga futhi eba buthaka?
Kungabe u- [IGAMA] usesikhungweni thizeni njengamanje (isibhedlela, ikhaya lokunakekela, ikhaya labadala, esibhedlela sabagulela ukufa) ngenxa yesimo sempilo yakhe?
Uma umuntu wayeyilunga lomuzi kwenziwa WHS 2003, kepha manje ENGASELONA ilungu lomuzi, qhubeka no Q0415. Uma umuntu eyilungu ELISHA lomuzi kumbe wabe elilungu lomuzi ngo 2003 futhi eseyilungu lomuzi nanamuhla, MUSA ukuphendula u Q0415 noma u- Q0416 YANA KU Lungu elilandelayo lomuzi, noma uma kuyilungu lokugcina lomuzi YANA KU Q0417.
Uyephi u- [IGAMA]?
Uma umuntu wayeyilunga lomuzi kwenziwa WHS 2003, kepha manje ENGASELONA ilungu lomuzi, qhubeka no Q0415. Uma umuntu eyilungu ELISHA lomuzi kumbe wabe elilungu lomuzi ngo 2003 futhi eseyilungu lomuzi nanamuhla, MUSA ukuphendula u Q0415 noma u- Q0416 YANA KU Lungu elilandelayo lomuzi, noma uma kuyilungu lokugcina lomuzi YANA KU Q0417.
BUKA KU-Q0401 abantu abahlala kulo muzi.
UMBUZI MIBUZO: Hlola u- Q0401 - yenza isiqiniseko ngokuthi inani eliphelele labantu abasohlwini kuthebhula lokujikeleza ngenhla liyalingana nenani labantu abahlala ekhaya.
Kungabe bakhona yini abanye abantu njengezingane ezincane kumbe izinsana esingazange sazifaka ohlwini?
Kungabe bakhona yini abanye abantu abangekho la okwamanje kepha abavame ukuba khona la endlini?
Ngubani ongumondli omkhulu waleli khaya (umuntu okunguyena ungenisa imali eningi)?
UMBUZI MIBUZO: faka inombolo yekholamu yomuntu kuthebhula le-rosta ngenhla.
UMBUZI MIBUZO: faka inombolo yekholamu yomuntu kuthebhula le-rosta ngenhla.
Sifuna ukwazi noma sekuke kwashonwa yini kulelikhaya/muzi ezinyangeni ezingu 24 ezedlule.
Kungabe likhona yini ilungu lallendlu elashona ezinyangeni ezingu 24 ezedlule?
UMBUZI MIBUZO: (hlonza isikhathi okuyisona sona - isibonelo, "kusukela ngo- September 2003")?
Kwashonwa kangaki la ekhaya ezinyangeni ezingu 24 ezedlule?
Walugubha eneminyaka emingaki usuku lwakhe lokuzalwa lokugcina.
Maqondana nezingane ezingaphansi konyaka owodwa , faka "00".
Umbuzi mibuzo: kuleli zinga ke- uzoqoka umhlinzeki mininingwane ukugcwalisa izigaba ezisasele zephepha-mibuzo ngokwasekhaya kanye nomphenduli mibuzo wephephap mibuzo lomuntu ngayedwana. Umhlinzeki mininingwane nomphenduli mibuzo ngayedwana kungenzeka kungabi umuntu oyedwa. Sifuna ukufaka imibuzo bonke abantu abaneminyaka yobudala engu 50 nangaphezulu abasekhaya ngosuku lwemibuzo, kepha umuntu ominyaka yakhe yobudala ingaphansi kwengu 50 angaligcwalisa iphepha-mibuzo ngokwasekhaya. Maqondana nesampula labaphenduli mibuzo abaminyaka yabo ingu 18-49 kuphepha mibuzo lomuntu ngayedwana, sebenzisa imigomo yethebula likaKish ukuqoka lowo muntu oyedwa kubantu basekhaya abafanelekile.
UMBUZI MIBUZO: Maqondana nomhlinzeki mininingwane, khetha umuntu ekhaya owazi kangcono kunabanye ngekhaya nesimo sempilo sabahlala kulo, isimo sabo somsebenzi, sezimali, izindleko nemishuwalense yezempilo. Kungenzeka kudingeke kukhulunywe nedlanzana labantu ekhaya ukuze kutholakale lokhu. Umuntu odunjiwe lapha kungenzeka kungabi siyena umuntu okhethelwe ukugcwalisa iphephamibuzo lomuntu ngayedwana. Uma imininingwane ihlinzekwa abantu abaningi kuphepha-mibuzo ngokwasekhaya, umuntu ohlinzeka imininingwane eminingi kuneyabanye uzofakelwa ikhodi lapha.
b Nikeza lowo nalowo muntu ofanelekile inombolo zilandelane, kusukela komdala wesilisa kuya komncane, bese kuba omdala owesifazane kuze kube omncane owesifazane ku Q0410.
c Sebenzisa ithebula elifanele lokukhetha bukela kusibonelo esingezansi ukuqoka umphenduli mibuzo. Inombolo eqondene ekwikholamu lesibili kwithebula lokukhetha ikhomba umuntu okhethelwe ukufakwa imibuzo.
Thola imvume usebenzisa ifomu lemvume loMhlinzeki mininingwane - ngaphambi kokuqhubekela kusiGaba 0500.
Ngifisa ukukubuza imibuzo eyidlanzana mayelana nendlu kumbe ikhaya lakho.
Kungabe lo muzi yila uhlala khona?
UMBUZI MIBUZO: mfundele konke okukhona umphenduli mibuzo.
Kuhlalwa mahhala kuwo...
Uma umnini [wena] ungawudayisa namuhla lo muzi, ungacishe ube yiliphi inani (ungabiza malini)?
Sebenzisa imali yalapha.
Lendlu inamakamelo amangaki esewonke, ungabali izindlu zokugezela namaphasiji?
Kungabe linjani iphansi lomuzi wakho?
Kungabe lunjani udonga lomuzi wakho?
Kungabe yini umthombo omkhulu wamanzi okuphuza amalungu aleli khaya?
Q0506a. Niwathathaphi amanzi okwenza ezinye izinto njengokuwasha ngezandla?
Kuthatha isikhathi esingakanani ukufinyelela lapho, kutholwe amanzi bese kubuywa?
Amanzi akhona esakhiweni...
Q0507a. Ubani ovame kuya konilandela amanzi kulo mthombo ningabahlali baleli khaya?
Kusetshenziswa luhlobo luni lwendlu yangasese la ekhaya?
Kungabe lendawo niyihlanganyela neminye imizi?
Kungabe nisebenzisa maphi amandla ekhaya lakho uma nipheka?
Nisebenzkisa luhlobo luni lwesitofu emzini wakho?
UMBUZI MIBUZO: bonisa okusebenza kakhulu.
UMBUZI MIBUZO: Ingxenye yokuqala yalesi sigaba kuhloswe ngawo ukuba kuqoqwe imininingwane ephathelene nemithombo yokudlulisela phakathi endlini okuqhamuka kulabo abangahlali khona.
Imibuzo elandelayo iphathelene nomndeni wakho nabangane, ikakhulukazi labo abangahlali nawe kulo muzi. Imindeni nabangane kwenye inkathi iyelekelelana ngezindlela ezinhlobo nhlobo, kanti lolo nalolo lusizo lungaba mqoka. Ingxenye yalolu cwaningo lwethu imbandakanya ukuthola ukuthi ikwenza kanjani lokhu. Manjena-ke singathanda ukubuza imibuzo eyidlanzana mayelana nomndeni wakho nabangane abangahlali nawe, nezindlela ezehluka hlukene enisizana ngazo. Imibuzo elandelayo iphathelene nosizo olutholwe umuzi wakho ezinyangeni ezingu 12 ezedlule.
Ezinyangeni ezingu 12 ezedlule, kungabe kukhona ekhaya owemukele usizo lwezimali noma olunye kumndeni wakho (izingane, izelamani kumbe abazali) nezihlobo (abanye bozalo) abangahlali nawe?
Lusizo luni lwemali kumbe olunye uhlobo oluye lwemukelwa umuzi wakho?
Uma kungu YEBO, yisho inani.
a. Imali, imali ebolekisayo, uxhaso ngemfundo, ukukhokhelwa izikwenetu, inkokhelo noma intela (lokhu kusho ukheshe)?
b. Inani lokudla nezinye izimpahla (lokhu kusho okungesiyona imali)?
c. Ukusiza ekhaya nemisebenzi (ukulungiselwa ukudla, ukuyelwa esitolo, ukuhlanza, ukuwashelwa), ukuhlinzekelwa unakekelo kumbe ukuhanjiswa (ukusizwa ngokuya ezindaweni ezingaphandle komuzi)?
UMBUZI MIBUZO: Lokhu AKUMBANDAKANYI usizo olukhokhele kumbe oluqashile.
Maqondana nosizo osanda kulubala, kungabe lokhu ukubona kuwungeniso mali/lusizo umuzi ongathembela kulo esikhathini esizayo?
Ezinyangeni ezingu 12 ezedlule, kungabe umuzi wakho wemukele usizo lwezimali noma olunye olubuya emakilabhini, kumbe izinhlangano emphakathini wakini?
Lusizo luni lwemali kumbe olungenye inhlobo olwemukelwe umuzi wakho?
Uma kungu YEBO, yisho inani.
a. Imali, imali ebolekisayo, uxhaso ngemfundo, ukukhokhelwa izikwenetu, inkokhelo noma intela (lokhu kusho ukheshe)?
b. Inani lokudla nezinye izimpahla (lokhu kusho okungesiyona imali)?
c. Ukusiza ekhaya nemisebenzi (ukulungiselwa ukudla, ukuyelwa esitolo, ukuhlanza, ukuwashelwa), ukuhlinzekelwa unakekelo kumbe ukuhanjiswa (ukusizwa ngokuya ezindaweni ezingaphandle komuzi)?
UMBUZI MIBUZO: Lokhu AKUMBANDAKANYI usizo olukhokhele kumbe oluqashile.
Mayelana nalokhu osanda kukuchaza ngomphakathi wakini, kungabe lolu lusizo uluthatha njengongeniso mali umuzi ongathembela kulo esikhathini esizayo?
Ezinyangeni ezingu 12 ezedlule, kungabe umuzi wakho wemukele usizo lwezimali noma olunye okuvela kuhulumeni?
Yiluphi uxhaso oluye lwemukelwa umuzi wakho?
Uma kungu- yebo, yisho inani.
a. Imali, imali ebolekisayo, uxhaso ngemfundo, ukukhokhelwa izikwenetu, inkokhelo noma intela (lokhu kusho ukheshe)?
b. Inani lokudla nezinye izimpahla (lokhu kusho okungesiyona imali)?
Mayelana nalokhu osanda kukuchaza okuvela kuhulumeni, kungabe lolu lusizo uluthatha njengongeniso mali umuzi ongathembela kulo esikhathini esizayo?
UMBUZI MIBUZO: kugcizelele ukugudluka kusuka kusizo olwemukelwe kuyia kusizo olunikezwayo esigabeni esilandelayo.
Manje, siqhele kusizo olwemukelwe umuzi wakini, sithanda ukuthola ukuthi luhlobo luni loxhaso mali nolwenye inhlobo oluhlinzekwe uwena namalungu omuzi wakho ezinyangeni ezingu 12 ezedlule kwabanye abangahlali nawe.
Ezinyangeni ezingu 12 ezedlule, kungabe umuzi wakho uye wahlinzeka usekelo lwemali kumbe lolunye uhlobo kwenye yezingane zakho, abazukulu kanye/kumbe ezinye izihlobo (nalezo zasemzini) abangahlali nani kulo muzi?
Lusizo luni lwemali kumbe ololunye uhlobo olunikezwe abomuzi wakho?
Uma kungu- yebo, yisho inani.
Ungalinganisa ukuthi bekungakanani lokhu sekukonke ezinyangeni ezingu 12 ezedlule?
a. Imali, imali ebolekisayo, uxhaso ngemfundo, ukukhokhelwa izikwenetu, inkokhelo noma intela (ukheshi)?
b. Inani lokudla nezinye izimpahla (lokhu kusho okungesiyona imali)?
c. Ukusiza ekhaya nemisebenzi (ukulungiselwa ukudla, ukuyelwa esitolo, ukuhlanza, ukuwashelwa), ukuhlinzekelwa unakekelo kumbe ukuhanjiswa (ukusizwa ngokuya ezindaweni ezingaphandle komuzi)?
UMBUZI MIBUZO: Lokhu AKUMBANDAKANYI usizo olukhokelwayo.
Ezinyangeni ezingu 12 ezedlule, kungabe umuzi wakho uye wahlinzeka usizo lwemali noma lolunye uhlobo kwabanye bozalo, abakhelwane, kumbe amalungu/qembu omphakathi?
Yiluphi uxhaso olunikezwe abomuzi wakho?
Ungalinganisa ukuthi bekungakanani lokhu sekukonke ezinyangeni ezingu 12 ezedlule?
a. Imali, imali ebolekisayo, uxhaso ngemfundo, ukukhokhelwa izikwenetu, inkokhelo noma intela?
b. Inani lokudla nezinye izimpahla (lokhu kusho okungesiyona imali)?
c. Ukusiza ekhaya nemisebenzi (ukulungiselwa ukudla, ukuyelwa esitolo, ukuhlanza, ukuwashelwa), ukuhlinzekelwa unakekelo kumbe ukuhanjiswa (ukusizwa ngokuya ezindaweni ezingaphandle komuzi)?
UMBUZI MIBUZO: Lokhu AKUMBANDAKANYI usizo olukhokelwayo.
Ngaphezu kokuhlinzeka usizo olubalile ngenhla, sifisa ukwazi noma wena kumbe omunye umuntu ekhaya lakho uye wahlinzeka noma iluphi uhlobo losizo kumbe unakekelo lwezempilo kwabanye abantu. Khumbula ukuthi lokhu kumaqondana nabantu abangaphandle kwekhaya lakho.
Ezinyangeni ezingu 12 ezedlule, kungabe wena noma umuntu wasekhaya lakho nihlinzeka usizo kusihlobo kumbe umngane (esidala noma sengane), ngoba lo muntu unesigulo esinzima emzimbeni noma engqondweni kumbe ukukhubazeka, noma ugugile futhi ubuthaka?
Ungalinganisa isikhathi esimaphakathi ngesonto ezinyangeni ezingu 12 ezedlule?
a. Kusizwe umuntu uqobo lwakhe, njengokumyisa endlini yangasese, ukumgeza, ukumgqokisa, nokumdlisa?
b. Kusizwe ngonakekelo lwezempilo, njengokushintsha amabhandishi nokuphuzisa imithi?
c. Baqashelwe njengalo ukwenza kwabo kungathikameza noma kube yingozi kubo nakwabanye?
Ngifisa ukukubuza eminye imibuzo embalwa mayelana nekhaya lakho nezimpahla eningaba nazo ekhaya lakho. Khumbula ukuthi noma imiphi imininingwane oyihlinzekayo izogcinwa iyimfihlo.
Zingaki izimoti ezikhona ekhaya lakho?
Kungabe ikhaya lakho linawo uGesi?
Kungabe ikhaya lakho kumbe omunye wasekhaya lakho unalokhu?
Umshini wokugeza izitsha?
Ngifisa ukwazi noma unomhlaba kumbe ubucwebe okungokwakho - nesihlawumbiselo senani (inani). Ngiyazi ukuthi imininingwane ebucayi lena futhi ngeke ngayinikeza abanye abantu abangekho sethimbeni locwaningo.
Siza usitshele noma unomhlaba kumbe ubucwebe okungokwakho nenye impahla eyigugu.
Uma kungu- yebo, yisho inani.
Umhlaba noma impahla?
Enye impahla eyigugu, njengobucwebe, amabhuku, ubuciko noma enye impahla eyigugu?
Engxenyeni yokugcina yalesi sigaba, Ngizobuza ngemali isiyonke engenile ekhaya ezinyangeni ezingu 12 ezedlule (esikhathini esedlule kuze kube namuhla) yomsebenzi okhokhelayo kumbe eminye imithombo. Ngifisa ukwazi mayelana neminye imithombo yemali. Ngiyazi ukuthi kungalikhuni ukubala lelo nani, kepha siza uzame konke okusemandleni ukunikeza inani eliyilo. Khumbula ukuthi yonke imininingwane izokugcinwa iyimfihlo. Le mininingwane isemqoka ukuhlola isimo sempilo nesempilonhle jikelele sabantu ekhaya lakho uma kuqhathaniswa neminye imizi.
Kungabe ekhaya kini nithola imali njalo kumthombo ojwayelekile?
Umbuzi mibuzo: Imali engenayo ezinyangeni ezingu 12 ezedlule, kuchaza ukuthi ikhaya lingethembela kumthombo ukuba uhlinzeke imali ngezithuba engasetshenziselwa ukwesekela izinqumo zokuhlelela okusetshenziselwa imali ekhaya.
Manjena ke sengizokufundela uhla lwemiithombo yemali ongase kuba uyayisebenzisa. Uma ubuka ezinyangeni ezingu 12 ezedlule, ungangitshela nje ukuthi imali eyenziwe ngokusendimeni ekhaya ibe ngakanani ngeviki noma ngenyanga noma ngonyaka Siza ungitshele noma isiphi isithuba esilula kuwe?
Uma kungu- yebo, yisho inani.
Ungahlawumbisela selilonke lemali engenile ekhaya esikhathini esingaba [faka inkathi uyithathela kwikholamu eyedlule]?
a. Inkokhelo ngokusebenza, iholo lasemsebenzini?
b. Imali oyithola ngokudayisa, ngokuhweba noma ngokudayisa kukamahambanendlwana?
c. Imali oyithola ngokuqashisa indawo yokuhlala?
Uma kungu- yebo, yisho inani.
Ungahlawumbisela inani selilonke lemali engenile ekhaya esikhathini esiyi- [faka inkathi] esedlule?
d. Shono imali yomhlalaphansiy (yasemsebenzini) impeshini, isikhwama sempesheni osifakela imali, imali ozihlinzeke ngayo ngomshuwalense noma eyesondlo sikahulumeni senhlalakahle?
e. Inzalo, isabelo samasheya (isibonelo, ku-akhawunti yokonga kumbe imali elondolozwe isikhathi esinqunyiwe)?
Ngakho-ke, ukuhlola le mininingwane, ungayilinganisela kumalini isiyonke imali eniyithole kuyo YONKE imithombo ezinyangeni ezingu 12 ezedlule?
Bangaki abantu abethembele kule mali?
UMBUZI MIBUZO: Leli nani kufanele ibale nomphenduli mibuzo - ngalokho ke faka "01" uma kungumphenduli mibuzo kuphela owethembele/owesekwa yile mali.
Kungabe amalungu omuzi kumbe ekhaya lakho kukhona izikwenetu anazo njengamanje noma ezemali ebolekisayo?
Q0726a. Singakanani lesikwenetu sesisonke nesemali ebolekiwe?
Mayelana nemali engena kuleli khaya, ucabanga ukuthi yenele ukubhekana nezidingo zansuku zonke nezibopho?
Ungasho ukuthi isimo sezimali emzini wakho?
Ngifisa ukukubuza imibuzo eyidlanzana mayelana nezindleko zomuzi wakho namalungu awo eziqondene nensizakalo yezempilo nokunye. Izindleko zingaba yimali kumbe okunye. Inani lezindleko ezingesiyona imali kanye nelokukhiqiziwe, nokusetshenzisiwe ekhaya, kufanele kulinganiswe nako kufakwe. Sibuza ngezithuba ezehluka hlukene, ngakho-ke, siza ulalelilisise ukuthi iyiphi inkathi okukhulunywa ngayo.
Mayelana nayo yonke imibuzo ekulesi sigaba bhala onke amani ngemali yala ezweni, noma ngabe ikhokhwe ngokheshi nangezinye izindlela.
Ngizothanda ukuqala ngokubuza mayelana nezindleko zasendlini ezinsukwini ezingu 7 ezedlule. Imibuzo elandelayo imayelana nokudla okuthengwe ikhaya. Ngifuna ukuqale ngibuze imininingwane ngezinhlobo zokudla ezithengwe umuzi wakho ngokheshi noma ngenye inhlobo yenkokhelo kanye/noma enizikhiqizele kona ezinsukwini ezingu 7 ezedlule.
b. Inyama (inkomo, ingulube, izinyane lemvu, imvu, inkuku, ikakalikuni, idada, inyama yenyamazane, noma enye inyama - inhlanzi noma okunye kwaselwandle)?
c. Izithelo nemifino?
d. Ubisi namaqanda?
e. Izinongo nowoyela usawoti, ushukela, ukhari, u-garlic, i-ginger, u-pepper, upelepele, noma okunye - ibhotela, amafutha, utelu amafutha kakhokhonathi, amafutha esundu, amafutha emifino, uwoyela kakolweni?
f. Iziphuzo nokunue okungetshwala njengekhofi, itiye, ujusi, amanzi nonemenayidi.
g. Ugwayi notshwala (kumbandakanya ubhiya, iwayini, nogologo)?
h. Ukudla okudliwe ngaphandle komuzi (isibonelo, kwabadayisayo, emakhosombeni kumbe emathilomu)?
Konke okunye ukudla.
Singabonga uma ungasinikeza inani selilonke lamali eniyichitha ngokudla ekhaya lakho.
Ezinsukwini ezingu 7 ezedlule, umuzi wakini usebenzise malini ngalokhu nokudla jikelele?
Manje sengifisa ukudlulela kuzindleko zomuzi wakho kuzinsuku ezingama- 30 ezedlule. Esikubabele kakhulu ke yizindleko ezivamile ezingesizona zokudla zekhaya.
a. Izindlu nezinsiza (i-renti, ibhondi, uGesi, okubaswa ngakho, amanzi, uthelefoni)?
b. Okokugqoka (izicathulo, izigqoko, amayembe, amabhlukwe, amalokwe, izikhethi, amabhantshi, amajazi) nokunye ke nje komuntu (insipho, ishampu, izimonyo, ukhilimu wokushefa...)?
c. Izinto zokuhamba (imali yebhasi, imali yamathekisi, izindleko zokukhanda imoti, uphethroli)?
UMBUZI MIBUZO: Buka ku-qxQ maqondana nezinto ezemukelekile - ungafaki izinto ezingahle zibe sohlwini lwezinyanga ezingu 12 ngezansi.
Ngifisa ukukubuza imibuzo ephathelene ngqo mayelana nemali esetshenziswe abomuzi wakho ngokheshi noma ngenye inkokhelo ngosizakalo lonakekelo lwezempilo olungazange lwadinga ukuthi umuntu alaliswe. Futhi sifuna izindleko ezenzeke ezinsukwini ezingama- 30 ezedlule. Uma inkokhelo ibingesiyona imali, siza ulinganise ngokwemali. Usize ungafaki izindleko ezizokhokhelwa umshuwalense.
Ukubhalisa nokubonana nawodokotela, amanesi, kumbe ababelethisi abaqeqeshiwe okungazange lwadinga ukuthi ulaliswe?
Ukwelashwa izinyanga nabanye abelaphi (sebenzisa amanye amagama abaziwa ngawo)?
Amakhambi noma imithi (eyalelwe udokotela, eyozikhethela, yesintu, yemvelo)?
Kungabe kukhona eminye imikhiqizo nezinsizakalo zonakekelo mpilo ezingabalwanga ngenhla?
Ngiyazi ukuthi le mibuzo kungaba likhuni ukuyiphendula - zama ukulinganisela ngasemananini ayiwo ezindleko. Manjena-ke ngifuna ugxile kuzindleko zasendlini ezinyangeni ezingu 12 ezedlule. Lezi yizindleko eziza ngankathi kumbe ukuthengwa kwezinto 'ezinkulu'. Ngithanda ukubuza ukuthi ibe ngakanani imali echithwe abahlali basekhaya maqondana nokulandelayo ezinyangeni ezingu 12 ezedlule.
Imfundo nokuhambisana nayo (uxhaso ngemfundo, ukukhokhela izifundo, amabhuku)?
Impahla ehlala isikhathi eside (omabonakude, amafoni, amashidi okulala, amathawula, amathuluzi), ifenisha (amatafula, izihlalo, imibhede) nezinsiza zasendlini (iziqandisi, imishini yokuwasha)?
Izinto zokuhamba (amaloli, izimoti, izithuthuthu, izikutha, amabhayisikili) nokukugcina kusesimweni?
Amasiko, izipho kumbe imicimbi (imithuno, izinsuku zokuzalwa, imigcagco)?
Imali ophoqelelwe ukuyikhokhelwa umshuwalense njalo kumbe izinhlelo zonakekelo mpilo ezikhokhelwa phambilini?
Inkokhelo yomshuwalense wempilo yokuzikhethela (kumbandakanya, izikimu zomphakathi zomshuwalense wempilo)?
Impahla ehambisana nezempilo (eyalelwe udokotela, izibuko, izinsiza kuzwa, izindondolo, amalunga okufakelwa)?
Siza ukungayifaki imali ozoyibuyiselwa umshuwalense nezindleko zokuhamba.
Izindleko zonakekelo mpilo lwesikhathi eside?
Siza ukungayifaki imali ozoyibuyiselwa umshuwalense nezindleko zokuhamba.
Konke okunye okuyimpahla nezinsizakalo (impahla, umhlaba, imfuyo, insizakalo yokuhlanzelwa, insizakalo yokukhandelwa)?
Ekugcineni-ke, sifuna uke ucabnge ngokuthi wazikhokhela kanjani izindleko zakho zonakekelo mpilo ezinyangeni ezingu 12 ezedlule. Lokhu kumbandakanya izindleko zayo yonke inkokhelo, yezinsizakalo nempahla, kumbandakanya ukulaliswa.
Ezinyangeni ezingu 12 ezedlule, yimiphi kumithombo elandelayo yemali esetshenziswe abomuzi wakho ukukhokhela noma yiziphi nazo zonke izindleko zezempilo?
Imali etholwa abomuzi wakho njengamanje (amaholo, umhlalaphansi, izimfanelo ezikhokhelayo)?
Ukukhokhelwa kumbe ukubuyiselwa imali yezindleko umshwalense (kumbandakanya izikimu zomphakathi zonakekelo mpilo)?
Izinto ezidayisiwe (umhlaba, impahla, ifenisha, imfuyo, ubucwebe)?
Izihlobo nabangane abangaphandle kwekhaya lakho?
Ngokweboleka ezinhlakeni ezibolekisa ngemali (omashonisa, amabhange)?
Ekugcineni-ke, sifuna ucabange ngokuvamile enyangeni kanye nezindleko zomuzi wakho. Sifuna ukwazi inani elisendimeni selilonke elichithwa umuzi wakho ngako konke. Lokhu kumbandakanya inani seliphelele elichithwe abendlu yakho bebonke ngakho konke, isibonelo, okokugqoka, izinto zokuhamba, irenti nentela, imali yesikole, ukudla, okokuphuza, ezikaqedisizungu, unakekelo mpilo nazo zonke ezinye izindleko.
Ngokuvamile, imali esetshenziswa abomndeni wakho ngokusendimeni njalo ngenyanga ingakanani?
UMBUZI MIBUZO: Uma umpheduli mibuzo wocwaningo lwasezindlini eminyaka yobudala ingu 50 nangaphezulu - qhubeka nemibuzo yomuntu ngayedwana. Uma umpheduli mibuzo eminyaka yobudala ingu- 18-49, kanti le mibuzo iqondiswe kumuntu omncane osevuthiwe - sebenzisa imiphumela ethebula likaKISH (buka kusigaba 0450) ukuze uhlonze kahle umphenduli mibuzo kuphepha mibuzo lomuntu ngayedwana.
MBUZI MIBUZO: Uma kukhona abashonile ekhaya onyakeni ophelile, GCWALISA imoduli YOBUYEKEZO LWEMBANGELA KUFA I- AUTOPSY LOMLOMO ngabo bonke abashonile. Gcwalisa okubonwe umbuzi mibuzo kuqala- bese ugcwalisa i- Autopsy yomlomo.
Lokhu kuphothula isigaba socwaningo lwasendlini. Sibonga ngesikhathi sakho nezimpendulo zakho.
Sineqoqo lesibili lemibuzo esizokubuza yona maduzane nje, yona ke egxile kakhulu empilweni yakho.
Ingabe bekukhona omunye umuntu ngesikhathi sengxoxo mibuzo?
Ukubone kunjani ukucophelela komhlinzeki mininingwane ekuphenduleni?
Yimiphi imibuzo umhlinzeki mininingwane ayithole ilukhuni, imbangela amahloni kumbe imdida?
Yimiphi imibuzo wena mbuzi mibuzo oyithole ilukhuni, kubangela amahloni kumbe ikudida?
